Tuesday, August 21, 2012

God's provision for a needy family


Testimony by an Ethembeni Careworker – Thunyiwe Sokhela (In ZULU and ENGLISH)

Ngiyambonga uNkulunkulu ngomsebenzi owenziwa iEthembeni empakathini.

Kukhona umndeni osizakele kakhulu usizwa yiEthembeni. Lomndeni sawufica uhluphekile kakhulu. Umndeni unezingane ezingu 9 nobaba nomama.

Omakhelwane basebekhathele bezama ukuba babaphe ukudla nezingubo. Safika bengenawo ama ID books, izingane zingenazo izitifiketi. Kwakungekho imali engenayo.

Yanikela iEthembeni ngokudla, izingubo, nezicathulo, nama uniform ukuba abantwana baqhubeke bafunde. IEthembeni yabafundisa futhi ukuba balime ingadi yemifino nama vegetables.

Yabasiza futhi inhlangano yaseEthembeni ukuba bathole ama ID books nama birth certificates. Lomndeni wasizakala impela baze basizwa  nangamagrants abazali okugula nama support grants abantwana. Okukhulu kakhulu ukuthi uNkulunkulu wenza umsebenzi nasezimpilweni zabo. Banikela izimpilo zabo kuJesu. Ngokuba babehleli bengashadile befisa ukuba bashade kodwa babengakwazi ngenxa yokuthi wayengekho ozobalekelela.

IEthembeni yanikela ngosizo lokuba bashade. Bambonga uNkulunkulu bamdumisa.

Imisebenzi kaNkulunkulu iyamangalisa. Uma ngibuka amandla akhe awnza kulomndeni ngimdumisa njalo.

Enhlizweni yami kuneculo elifikayo uma ngicabanga ngomsebenzi owenziwa iEthembeni emphakathini.

Lithi: WE thembekile Jesu
          Nsuku zonke zikhathi
           WE thembekile Jesu

         : You are faithful Oh Lord
            Every day and every hour
            You are faithful Oh Lord

 Translation by Nora

I thank God for the work Ethembeni is doing in the community.

There is a family which has been greatly assisted by Ethembeni when it was discovered how poor they were. The family consisted of 9 children and the father and mother.

The neighbours were getting weary of trying to feed and clothe them. When we took them in hand, they had no ID books, the children had no birth certificates, and they had no income.

Ethembeni offered to help them with food, clothes, shoes, and uniforms, so that the children could go to school. Ethembeni also taught them to cultivate a garden to grow spinach and vegetables.

Ethembeni also assisted them to obtain ID books & birth certificates. Furthermore they also received disability and child grants. The greatest of all of God’s work, was that they received Jesus into their lives. Because they had never been married, they desired to have a proper marriage, but there was no one who could help them achieve that.

Ethembeni made that possible for them, and they offered praises and thanks to God. The work of God is amazing. God is good. When I reflect  on His power at work in this family, I never cease to praise Him.


No comments:

Post a Comment