Tuesday, May 29, 2012

A TESTIMONY OF GOD'S GOODNESS (Zulu & English)

Isisebenzi saseThembeni – Octavia Zikhali

Ngasindiswa esibhedlela ngo 1985 December. Lapho ngangigula kakhulu ngifika esibhedlela ngingakwazi ukuhamba ngiphakanyiswa. Impilo yami yathola ukusizakala ngokuba ngamukele uJesu njengeNkosi nomSindisi.

Yaqala yashintsha impilo yami ngakwazi ukuhamba ngawadla kahle namaphilisi, kodwa ngiqhubeka ngimbonga uNkulunkulu.Sekufana nephupho ukuthi bengingakwazi ukuhamba.U Jesu wayenginikeza ithemba lempilo uMoya oNgcwele empilweni yami ngaphuma esibhedlela.

UJesu wabeka ubizo lokusiza abagulayo, ngibashumayeze, ngibakhulekele, ngibanika ithemba elinguJesu okwazi ukusindisa umuntu enyameni naseMoyeni.

Ngalithola ithuba eThembeni lokuhambela abagulayo. Ngiyambonga uJesu ngalo, ngikwazile ukusiza imideni egulelweyo ukufakaza ngoJesu ngichaze ngempilo yami, ngayinika ithemba. Kukhona abakade begula kakhulu sebelahle nethemba ukuthi bazophila, ngabavakashela ngabafakazela ngoJesu osiza umuntu – izinyanga, nodokotela sebehlulekile, uJesu omsindise umuntu.

Ngiyayibonga iThembeni nabasebenzayo bonke, nabasilethela ukudla ukuze abantu baphile emzimbeni naseMoyeni, ngoba basindisiwe bonke. IThembeni ihamba phambili ngosizo.
Testimony of EThembeni worker – Octavia Zikhali

 I was saved while I was in hospital in December 1985. On my arrival at the hospital, I was very ill and had to be carried as I was unable to walk. My health improved when I accepted Jesus as my Lord and Saviour.

 Taking my medication, my health improved such that I could walk again, and I continued to praise God. That I had been unable to walk before, seems like a dream to me now.  Jesus gave me hope in the Holy Spirit, and I was eventually discharged.

Jesus called me to help the sick, to preach to them, to pray for them, and to give them hope in Jesus who can save a person physically and spiritually.  The opportunity to visit the sick arose at eThembeni. I always thank Jesus for enabling me to help out in families affected by illness, and to witness how Jesus healed me and gave me hope. There are some among those I visit who have lost all hope, and I testify of Jesus who is able to do all that witch doctors and doctors cannot do. Jesus only is the One who saves.

I wish to thank eThembeni and all my co-workers, and all who bring food to nourish body and soul, for they are God’s people. Ethemebeni is tops in helping others.

Translated by Nora.

No comments:

Post a Comment